Ingozi yegciwane Elisha, i-Coronavirus (COVID-19), yinto okumele isigqugquzele njengeNyuvesi ngesidingo sokuhlala siqaphile nokuthi sihlale sihlelele izimo zokubhekana nezifo nokugula. Ubhubhane oludlangile lwe-COVID-19 selusabalale lwadlulela kumazwekazi ayisithupha futhi akukho zinkomba zokuthi seluyalawuleka. Kusukela namuhla, iKolishi LeziFundo ZezeMpilo e-UKZN eliholwa uSolwazi Busisiwe Ncama lizoqala umsebenzi omkhulu futhi osezingeni eliphezulu wokuqapha, ukuvikela nokulwisana nalolubhubhane uma kutholakala ukuthi i-COVID-19 itholakele endaweni yethu. Lolu hlelo lunikeza isu elisebenza ngokuhlanganyela lokulungela isimo futhi ludinga ukuba wonke umuntu abambe iqhaza. Sikholwa ukuthi ukuvikela kungcono kunokwelapha kulesi simo. Ngenxa yobuningi babantu emakhempasini ethu – abafundi kanye nabasebenzi – ukuvikelelwa nokugwenywa kokusabalala kwesifo kubalulekile. Lo msebenzi oholwa uSolwazi Mosa Moshabela, oyiDini NeNhloko YeSikole SezobuHlengikazi NezeMpilo YoMphakathi, naleli thimba elilandelayo longoti: Dkt Velile Ngidi, Ongumabhalane Omkhulu KwezeMpilo Yomphakathi; Dkt Richard Lessells, uNgoti Wezezifo Ezithathelanayo; Dkt Saajida Mahomed, uNgoti KwezeMpilo YoMphakathi eUKZN; Dkt Lilishia Gounder, Wezokucwaningwa Kwamavayirasi; Dkt Nokukhanya Msomi, oyiNhloko Yezamavayirasi; Kanye noDkt Saloshni Naidoo, iNhloko YezeMpilo YoMphakathi. Amalungu Ezokuhlinzekwa Kwezidingo ZezokuPhepha Emsebenzini NezeMpilo EmaKhempasini uMnu Muzi Mthembu, uNks Gugulethu Mdunge, Nks Jane Taylor, Nks Nozipho Jali, noNks Jabu Hlophe, nabo bazoba yingxenye yaleli thimba ukuqinisekisa ukuba isikhungo sikulungele ukubhekana ne-COVID-19. INyuvesi izokwenza izindlela zokuqinisa ezokuhlinzekwa kwezempilo emakhempasini ngaphambi kokufika kwevayirasi ekhempasini. Iqembu lethu elihola lo msebenzi lizoqoka abanye ongoti nabazinikelayo abaqhamuka emakolishi, ezikoleni, emikhakheni, ezokuvakasha, nezinye izinhlaka zaseNyuvesi nemiphakathi yabafundi ukulekelela ngokufundisa ngesifo nokuhlinzeka ngezeluleko zongoti. Okuhlosiwe ukuqala ukusebenza ngokuphuthumayo kwesizinda sokuhlelwa kokusebenza (war room) esimikhakhaminingi, okuzoba esokuqala salolu hlobo. Uma sesisebenza, lesi sizinda sizohlinzeka ngobufakazi obudingekayo kanye nomhlahlandlela wokubhekana neCOVID-19 ngendlela efanele. Lokhu kungahlanganisa nenqubomgomo yezokuhlaliswa engxenye ngenxa yesifo okubalwa nokuzihlalisa engxenye ngenxa yesifo ezimweni ezingavela zokusuleleka ngesifo ngesikhathi esihambelana nokusuleleka ngesifo, futhi ehambisana nezidingo zeziphathimandla zezempilo njengoMnyango WezeMpilo, Isikhungo Sikazwelonke Sezokulawulwa Kwezifo (NICD), neNhlangano Yamazwe YezeMpilo (WHO). Njengoba abaningi bethu bazi ukuthi i-COVID-19 yaqubuka esifundazweni i-Hubei maphakathi nezwe lase-China ekuqaleni konyaka, okuyimanje osekutheleleke abantu abayizi- 80 000 okuholele ekufeni kwabayizi 3 000. Yize noma kungakatholakali muntu onalesi sifo eNingizimu Afrika, ngisho sekwenziwe ukuhlolwa okungaphezulu kokungama-120 ezweni, abe-WHO balindele amazwe amaningi noma wonke ukuba abe nabanesifo. Siyazi ukuthi sekukhona abanesifo e-Nigeria, e-Algeria e-Egypt nase-Morocco, nokuthi kunabaseNingizimu Afrika abatholakakale benalesi sifo e-Japan, bangaphezulu kwama-150 abaseNingizimu Afrika abase-Wuhan abazobuyiswa ekhaya. Uhlelo Lwethu Olusezingeni Eliphezulu Luhlanganisa:
Iqembu lethu elizosebenza emphakathini limatasa lihlola izidingo zezinsiza nezokuqeqeshwa zabasebenzi bezempilo nabasebenzi jikelele abakudingayo. Ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi kunezindlela ezifanele zokwelapha ezikhona, sizoqinisekisa nokuthi kunokulawulwa kokutheleleka, inqubo elandelwayo yokutheleleka kanye nezinsiza zokusebenza ezidingekayo – okuhlanganisa okokuzivikela emzimbeni, amagilavu, nokokumboza umlomo namakhala (N95 masks) okuzotholakala uma sekudingeka. Ezinye izinhlelo ezifana nezokuthutha nokulungela kwesikhungo nakho kuzoba yingxenye yokuhlelelwayo. INyuvesi futhi emasontweni ezayo izophinde iqinise izinga layo lokwazi ukulandelela imibiko ngabathelelekile emhlabeni jikelele, ezifundeni, emazweni, ezifundazweni nasekhaya. Iqembu lethu lizoqapha kakhulu isimo se-COVID-19 eNingizimu Afrika, lapho lizofinyelela khona emininingwaneni ngokubhebhetheka kwesifo i-COVID-19 uma sigcina sifikile eNingizimu Afrika naKwaZulu-Natali. Lolu lwazi luyodluliselwa kubo bonke abathintekayo. Uhlelo luzobandakanya ukulandelwa kweminyakazo yabasebenzi bonke. Ukusebenzisana nenkampani yezokuvakasha esetshenziswa yiNyuvesi, abasebenzi bayakhuthazwa ukuba banciphise ukuhamba okungaphuthumi okuya ezindaweni ezinobungcuphe obukhulu. Imibuzo ingathunyelwa abafundi nabasebenzi ngokushesha lapha: covid19@ukzn.ac.za, kanti nenombolo ewusizo yabafundi nabasebenzi nomphakathi lapho kungatholakala khona ulwazi olwengeziwe nge-COVID-19 nayo izoqala ukusebenza maduzane, kodwa inombolo yamahhala ye-NICD ethi: 0800 029 999 ingasetshenziswa okwamanje. Kuyithemba lethu ukuthi lokhu kuzosiza futhi kweseke imiphakathi yethu ekuhlonzeni, ukuvikela, nokubhekana nalesi sifo. Njengesikhungo sezemfundo ephakeme esinamakhono anhlobonhlobo aphezulu, asingabazi ukuthi sizodingeka ukweseka imiphakathi yaseThekwini naseMgungundlovu kanye nesifundazwe sonke uma isidingo sivela, futhi kumele sihlale simi ngomumo njalo. Singacela nomphakathi wethu wase-UKZN ukuba ubambe iqhaza emkhankasweni wethu nge-COVID-19 lapho sizofundisa imiphakathi ngokubambisana nohulumeni wesifunda nowasekhaya ukuze abantu babe nokuqonda ngokusabalala kwalesi sifo. Uma udinga ukuhlolewa ubungcuphe, ukwelulekwa ngokohambo, noma unemibuzo ngalolu daba, sicela uthumele i-imeyili lapha: covid19@ukzn.ac.za. Eminye imininingwane iyatholakala kuleli pheshana elihambisana nalokhu.
Solwazi Nana Poku |